Umkhuleko


  • “Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa. Mathewu 7:7
  • Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe. Johane 15:7
  • ‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’ Jeremiya 33:3
  • Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke. Jeremiya 29:13
  • Kuyakuthi bengakangibizi, mina ngiphendule; besakhuluma, mina ngiyakuzwa. Isaya 65:24
  • Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami. Makabongwe uNkulunkulu ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi. Mathewu 18:19, 20
  • Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye. 1 Johane 5:14, 15
  • Pray without ceasing. 1 Thesalonika 5:17
  • Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayikungizwa iNkosi. Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami. AmaHubo 66:18, 19
  • “Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolweni; kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.” Luka 22:31, 32
  • ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela. KumaHeberu 7:25
  • Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana. 1 Thimothewu 2:8
  • Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa; kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu. AmaRoma 8:26, 27
  • Ngalokho ngithi kini:Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho. Marku 11:24
  • nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe. 1 Johane 3:22
  • Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.” Mathewu 26:39
  • Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza. Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi. Mathewu 6:6, 7
  • Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo. KumaHeberu 4:16
  • ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke, Efesu 6:18
  • Kusihlwa nasekuseni nasemini ngizakuzikhalela, ngibubule, abeselizwa izwi lami. AmaHubo 55:17
  • wanaka umkhuleko wabangenalutho, engawudeleli umthandazo wabo. AmaHubo 102:17
  • Ngiyamthanda uJehova, ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami. Ngokuba ubekile indlebe kimi ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami. AmaHubo 116:1, 2
  • Kusihlwa nasekuseni nasemini ngizakuzikhalela, ngibubule, abeselizwa izwi lami. AmaHubo 55:17
  • wanaka umkhuleko wabangenalutho, engawudeleli umthandazo wabo. AmaHubo 102:17
  • Ngiyamthanda uJehova, ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami. Ngokuba ubekile indlebe kimi ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami. AmaHubo 116:1, 2
  • Ngokuba wena sizwe esakhe eSiyoni eJerusalema ungabe usakhala nokukhala; uyakuba nomusa impela kuwe ngezwi lokudazuluka kwakho; lapho elizwa, uyakuphendula. Isaya 30:19
  • Kuyakuthi bengakangibizi, mina ngiphendule; besakhuluma, mina ngiyakuzwa. Isaya 65:24
  • ‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’ Jeremiya 33:3
  • “Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini:Sebewamukele umvuzo wabo. Mathewu 6:5
  • “Ngiqinisile ngithi kini:Konke eniyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe ezulwini, nakho konke eniyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe ezulwini. “Futhi ngiqinisile ngithi kini:Uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakulwenzelwa nguBaba osezulwini. Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.” Mathewu 18:18, 19, 20
  • Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni. Uma nicela utho kimi egameni lami, ngolwenza. . Johane 14:13, 14
  • Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe. Johane 15:7
  • Ngalolo suku aniyikubuza lutho kimi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini:Lokhu eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona. Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale. Johane 16:23, 24
  • sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili. EkaJakobe 4:8
  • nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe. 1 Johane 3:22
  • Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye. 1 Johane 5:14, 15
  • “Usho kanje uJehova, oNgcwele ka-Israyeli noMenzi wakhe, uthi:Ningibuza ngezinto ezizayo, ngabantwana bami, ningiyaleze ngomsebenzi wezandla zami, na? Isaya 45:11
  • Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke. Jeremiya 29:13
  • UJesu wayesephendula, ethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini:Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kule ntaba:‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ kuyakwenzeka; nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.” Mathewu 21:21, 21D, 22
  • Ngalokho ngithi kini:Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho. Marku 11:24
  • “Ngithi kini:Celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa. Luka 11:9, 10
  • akangabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo, eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile unamandla nokukwenza. AmaRoma 4:20, 21
  • Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi, Efesu 3:20
  • Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo. KumaHeberu 4:16
  • kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo. KumaHeberu 11:6
  • Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya. Ngakho makangasho lowo muntu ukuthi uyakwamukeliswa utho yiNkosi, EkaJakobe 1:6, 7
  • Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. 1 Johane 5:14
  • Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde. AmaHubo 5:3
  • Ihubo likaDavide esehlane lakwaJuda. Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena; inyama yami ilangazelela wena ezweni elomileyo eligagadekileyo, lapho amanzi engekho khona. AmaHubo 63:1
  • Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke, AmaHubo 119:2
  • Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza. Mathewu 6:6
  • “Ngokuba amaza okufa angihaqa; izikhukhula zokona zangethusa. Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela. Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe. 2 Samuweli 22:5-7
  • Ngokuba akadelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo; akamfihlelanga ubuso bakhe, kepha nalapha ekhala kuye, wezwa. AmaHubo 22:24
  • ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa. AmaHubo 50:15
  • Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela AmaHubo 62:8
  • Nokho wanaka ukuhlupheka kwabo, esezwile ukukhala kwabo. Wabakhumbulela isivumelwano sakhe; waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe. AmaHubo 106:44, 45
  • Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho. AmaHubo 119:10
  • Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze. Isaya 55:6
  • Kwakungekho owalibiza igama lakho, owazivusela ukubambelela kuwe, ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu. Isaya 64:7
  • Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke. Jeremiya 29:13
  • Vuka ukhale ebusuku ekuqaleni kwemilindo, uthulule inhliziyo yakho njengamanzi phambi kobuso beNkosi; phakamisa izandla zakho kuyo ngenxa yokuphila kwezingane ezidangala ngendlala ezingosini zezitaladi zonke. IsiLilo 2:19
  • Masiphenye, sicinge izindlela zethu, sibuyele kuJehova. Masiphakamise izinhliziyo zethu kanye nezandla zethu kuNkulunkulu ezulwini. IsiLilo 3:40, 41
  • “Kepha manje,” usho uJehova, “phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke, nangokuzila ukudla, nangokukhala, nangokulila.” Joweli 2:12
  • Kepha lolo hlobo aluphumi ngaphandle kokuba kube ngokukhuleka nokuzila ukudla.” Mathewu 17:21