Inkululeko ekusabeni


  • ElikaDavide. UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani na? UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na? ... Ngokuba uyangithukusa edokodweni lakhe ngosuku lokuhlupheka, angicashise ekusithekeni kwetende lakhe, angiphakamisele edwaleni. AmaHubo 27:1, 5
  • Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami. AmaHubo 34:4
  • Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.” IzAga 1:33
  • Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi: “Qinani, ningesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela, impindiselo ivela kuNkulunkulu; nguye oza ukunisindisa.” Isaya 35:4
  • ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami. Isaya 41:10
  • Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!” AmaRoma 8:15
  • Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza. 2 Thimothewu 1:7
  • Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. Nge-Alamoti. Igama. UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni. Ngakho-ke asiyikwesaba nokuba kuguquka umhlaba, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle, nokuba amanzi alo ehlokoma, ekhephuza, nezintaba zizamazama ngokukhukhumala kwalo. Sela 46:3 AmaHubo 46:1-3
  • Mhla ngesabayo ngiyakwethemba wena. KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe; ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba; inyama ingangenzani na? AmaHubo 56:3, 4
  • Awuyikwesaba ivuso lasebusuku, nomcibisholo ondizayo emini, nobhadane oluhamba ebumnyameni, nesifo esibhubhisayo emini enkulu. AmaHubo 91:5, 6
  • Lapho ulala phansi, awuyikwesaba lutho; nanxa usulale phansi, ubuthongo bakho buyakuba mnandi. IzAga 3:24
  • Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova. Jeremiya 1:8
  • Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni. 1 Johane 4:18
  • Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,” ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?” KumaHeberu 13:5, 6
  • Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi. Johane 14:27
  • Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane, abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni. KumaHeberu 2:14, 15